Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:37 - IsiZulu 2020

37 Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Futhi uyakuba yisimangaliso, nesaga, nenhlekisa phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakuyisa khona.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:37
13 Referans Kwoze  

bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla, isuke phambi kwami, ngiyenze isaga nesifengqo phakathi kwabantu bonke.


Njengoba beniyisiqalekiso ezizweni nina ndlu kaJuda nani ndlu ka-Israyeli, ngiyakunisindisa, nibe yisibusiso; ningesabi, kodwa maziqine izandla zenu.”


Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade, mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Simakade, ungalenzi ifa lakho libe yinto yokuthukwa nenhlekisa, kungani kufanele bathi phakathi kwabezizwe: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


USimakade uyokushaya ngokuhlanya, ngobumpumputhe, nangokudideka komqondo.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Ngiyakubalandela ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, ngibenze into esabisayo emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, incithakalo, into enximfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Usenze saba yizibi nemfucumfucu phakathi kwezizwe.


Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite