Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:36 - IsiZulu 2020

36 “USimakade uyokuyisa, wena nenkosi oyibeke phezu kwakho, esizweni wena nokhokho bakho eningasazi, niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 “UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 UJehova uyakukuyisa wena nenkosi yakho oyakuyibeka phezu kwakho esizweni obungasazi wena nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu, imithi namatshe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:36
31 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


Abanye abantu abasala emzini, nalabo abahlubukayo, bahlubukela ngasohlangothini lwenkosi yaseBhabhele, nesixuku esiseleyo, uNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumba bonke.


Lapho niyokhonza onkulunkulu abayimisebenzi yezandla zabantu, onkulunkulu bemithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli nabangahogeli.


Abasele enkembeni yabathumba yabayisa eBhabhele, baba yizinceku zayo nezamadodana ayo, kwaze kwabusa umbuso wamaPheresiya,


Kwase kukhuphuka uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wambopha ngamaketango, wamyisa eBhabhele.


Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


“ ‘ “Nina ndlu yakwa-Israyeli,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “hambani; kube yilowo nalowo ayokhonza isithombe sakhe, kodwa kamuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”


Namanye amadodana akho oyakuwazala, ayakuthathwa abe ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhele.”


nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, zemithi, amatshe, isiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo


Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi eJerusalema esikhundleni sikayise.


Ngiyakukwenza ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjwe umlilo olakeni lwami; uyakunishisa.”


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwenkosi uZedekiya kwaJuda, ngenyanga yeshumi, inkosi uNebukhadinezari waseBhabhele nayo yonke impi yakhe, bafika eJerusalema, balivimbezela.


Ngiyakunikhipha kuwo, ngininikele esandleni sabafokazi, nginijezise.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


Kodwa uma nenza okubi niyobhubha nenkosi yenu.”


Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulalela khona eRibhila, eHamathi. UJuda waya ekuthunjweni esuswa ezweni lakubo.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakubondla laba bantu ngemifino ebabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi.


Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite