Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:30 - IsiZulu 2020

30 “Uyakuthembisana umendo nowesifazane, omunye amdlwengule alale naye; uyakukwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Uyakuganwa ngumfazi, omunye umuntu alale naye; uyakwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Uyakuganwa ngowesifazane, enye indoda ilale naye; kufanele wakhe indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungakha izithelo zaso;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:30
19 Referans Kwoze  

“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.


Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye, ngibaphuce amasimu abo; ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala, bonke bathola inzunzo engabafanele; nabo bonke abaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


umkami makagayele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe.


Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo zibe yincithakalo. Bayakukwakha izindlu, kodwa abayukuhlala kuzo, bayakutshala izivini, kepha abayukuliphuza iwayini lazo.


“Uyakutshala, kodwa ungavuni; uyakugxoba iminqumo, kepha ungazigcobi wena ngamafutha, ukhame izithelo zomvini, kodwa wena ungaliphuzi iwayini.


“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.


Ifa lethu seliphendulwe laba ngelabafokazi, izindlu zethu zaba ngezabezizwe.


Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”


Lapho iziboshwa zicanasa khona ndawonye, nezwi labacindezelayo zingasalizwa.


Inkabi yakho iyakuhlatshwa uzibonela ngawakho amehlo, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, akuyukuba bikho oyakukusindisa.


“Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha.


Izindlu zabo, amasimu abo nomkabo kuyakunikelwa kwabanye kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhile ezweni,” kusho uSimakade.


Ubuyisa konke akukhandlekelayo, engakakugwinyi, akayukujabula ngempahla ayitholileyo.


USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayukuphinde nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho, kube ngukudla kwazo. Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo,


Badlwengula abesifazane eZiyoni, nezintombi emizini yakwaJuda.


Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite