Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:16 - IsiZulu 2020

16 “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:16
32 Referans Kwoze  

Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


Phambi kwabo kuqothula umlilo, emva kwabo kuvutha ilangabi; izwe eliphambi kwabo linjengensimu e-Edeni, kodwa emva kwabo liyihlane elingenalutho, akukho okuphunyukayo kubo.


Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi, nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho, kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


Uma ngiphumela endle, ngibona ababulewe ngenkemba; nalapho ngingena emzini, kunezifo, nendlala, ngokuba umphrofethi nomphristi bahambele ezweni abangazi lutho ngalo.’ ”


Isiqalekiso sikaSimakade sisendlini yezikhohlakali, kodwa uyalibusisa ikhaya labalungileyo.


Uyophendula izinhliziyo zoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise; funa ngifike ngishaye izwe ngiliqothule.”


Isikhumba sethu sishisisa okweziko ngenxa yokubhuqwabhuqwa yindlala.


Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.


ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Ngakho-ke ngizingcolisile izikhulu zendlu engcwele; uJakobe ngizakumnikela ukuba achithwe, no-Israyeli ukuba abe yisithuko.”


Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.”


Wahamba, wenza njengalokhu izwi likaSimakade limyalile; wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKherithi ophambi kweJordani.


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Akayukunika namunye inyama yabantwana bakhe ayobe eyidla, ngokuba kungekho naye okumsalele ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo wonke amasango akho.


Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”


“Banejubane ebusweni bamanzi, izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni, abasayukuphendukela endleleni yezivini.


‘Ngiyakusithumela, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami. Siyakuhlala phakathi endlini yakhe, siyishabalalise nezingodo zayo namatshe ayo.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite