Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:12 - IsiZulu 2020

12 “USimakade uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifaneleyo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho. Uyokwetsheleka izizwe eziningi, kodwa ungatsheleki lutho kuzo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova uyakuvula ingcebo yakhe enhle, izulu, ukuba anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifanele, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha wena awuyikuboleka.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:12
15 Referans Kwoze  

USimakade uNkulunkulu wenu uyonibusisa njengokwethembisa kwakhe, niyotsheleka izizwe eziningi, kodwa nina ningatsheleki lutho kuzo. Niyobusa izizwe eziningi, kepha zona aziyukunibusa.


Niyomnika ngokwevile, nangenhliziyo ekhululekile ngesikhathi nimnika, ngokuba ngenxa yalokho uSimakade uNkulunkulu wakho uyowubusisa wonke umsebenzi wenu, nakho konke enibeka isandla senu kukho.


ngiyolinika izwe lakini imvula ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yakamuva, ukuba ubuthe okusanhlamvu kwakho, iwayini elisha lakho, namafutha akho.


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, umfokazi, intandane, nomfelokazi, abasemizini yenu. Bayoza, badle, basuthe ukuze uSimakade uNkulunkulu wenu anibusise emsebenzini wonke wesandla senu eniwenzayo.”


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.


Uyakukuboleka wena, wena ungakwazi ukumboleka; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.


“Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho


Umfokazi ungamtsheleka bese ufuna inzalo, kodwa umfowenu awuyukumtsheleka bese ufuna inzalo ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka kukho isandla sakho ezweni ongena kulo, ukulidla.


USimakade uyoyenza imvula yezwe lakini ibe ngumsizi nothuli, uthuli oluvela ezulwini, lwehlele phezu kwakho, uze ubhujiswe.


Kwathi emveni kwezinsuku eziningi, izwi likaSimakade lafika ku-Eliya ngonyaka wesithathu, lathi: “Hamba uzibonakalise ku-Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.”


Ngiyakuzibusisa zona nezindawo ezizungeze intaba yami, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite