Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:10 - IsiZulu 2020

10 Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubizwe ngegama likaSimakade, bakwesabe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bonke abantu bomhlaba bayobona ukuthi igama likaJehova libiziwe phezu kwakho; futhi bayokwesaba.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:10
18 Referans Kwoze  

bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu uyakufaka uvalo nokwesaba ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokhu akhuluma kini.


Umuzi uyakuba kimi yigama lokujabula, nodumo, nendumiso kuzo zonke izizwe zomhlaba eziyakuzwa ngakho konke okuhle engibenzela khona. Ziyokwesaba, zithuthumele ngenxa yakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


“Zonke izizwe ziyakuthi kini nibusisiwe, ngokuba nina niyakuba yizwe elithokozisayo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


“Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”


Kwathi lapho wonke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo wonke amakhosi amaKhanani ayegudle ulwandle, ezwa ukuthi uSimakade womise amanzi eJordani baze bawela bonke abantu bakwa-Israyeli, angenwa ngamanzi emadolweni, aphelelwa yisibindi ngenxa yabantu bakwa-Israyeli.


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


AbaseGibhithe bancenga abantu ukuba basheshe baphume ezweni, ngokuba bathi: “Thina sonke sizokufa.”


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngeGama lakho.


Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


ukuze abaseleyo babantu nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ kusho iNkosi ekwenzayo lokhu,


Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite