Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 27:19 - IsiZulu 2020

19 “ ‘Makaqalekiswe ohlanekezela isehlulelo kongumfokazi, intandane, nongumfelokazi.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uqalekisiwe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nentandane, nomfelokazi. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 27:19
11 Referans Kwoze  

Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.


“Awuyukuhlanekezela ubulungiswa lapho ubhekene nomfokazi noma intandane, futhi ungayithathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Isikhohlakali semukela umfumbathiso ofihliwe, ukuze sihlanekezele izindlela zokwehlulela.


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


funa baphuze bese bekhohlwa yizimiso, baguqule amalungelo abahluphekayo.


Awuyukulilandela iningi ekwenzeni okungalungile noma lapho wethula ubufakazi ecaleni, awuyukuzihlanganisa neningi ukuze uhlanekezele umthetho.


“ ‘Uma umfokazi egogobele ezweni lakini, aniyukumcindezela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite