Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 26:7 - IsiZulu 2020

7 Sakhala kuSimakade uNkulunkulu wokhokho bethu, uSimakade walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, umshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwathi lapho simbiza uJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokuhlupheka kwethu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 26:7
18 Referans Kwoze  

Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.


“Usho kanje uSimakade owenza umhlaba, wawubumba, wawumisa, nguSimakade igama lakhe, uthi:


Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”


Ngikuzwile futhi ukububula kwabantu bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibhithe, ngase ngisikhumbula isivumelwano sami.


Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”


UNkulunkulu wakuzwa ukukhala komfana. Ingelosi kaNkulunkulu yammemeza uHagari isezulwini, yathi kuye: “Kwenzenjani Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ukuzwile ukukhala komfana, lapho ekhona.


ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”


UNkulunkulu wababheka abantu bakwa-Israyeli, futhi wabanakekela.


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite