Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 24:6 - IsiZulu 2020

6 “Akuyukuba bikho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba uyobe ethathe konke okuphilwa ngakho, kwaba yisibambiso.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Akuyikubakho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba yena uthatha konke okuphilwa ngakho kube yisibambiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kakulamuntu ongathatha ilitshe lokuchola elingaphansi kumbe lengaphezulu libe yisibambiso, ngoba uthatha impilo yomuntu ibe yisibambiso.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 24:6
9 Referans Kwoze  

UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”


“Uma uvimbezela umuzi isikhathi eside ulwa nawo ukuze uwudle, awuyukuzicekela phansi izihlahla ngokuzigawula ngezembe, ngokuba uyakudla kuzo; ungazigawuli, ngokuba isihlahla sasendle singumuntu yini ukuba ungaze usihlasele, na?


“Manje uma ngibuyela encekwini yakho, ubaba, ngingabuyeli naye, lokhu inceku yakho imthanda kangaka lo mfana,


Umsindo wababetha ihabhu, owabahlabeleli, owabashaya imitshingo namacilongo, awusophinde futhi uzwakale kuwe. Zonke izingcweti ezenza noma yimiphi imisebenzi azisayukuba bikho kuwe nanini, umsindo wetshe lokusila awusayukuphinde uzwakale kuwe,


Ababili bayakube begaya etsheni lokusila; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.


“Uma umuntu esanda kuthatha umfazi, akayukuphuma aye empini, futhi akayukunikwa noma yimuphi umsebenzi; uyohlala ekhaya ekhululekile unyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.”


“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kubafowenu, wahlubula abampofu izingubo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite