Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 24:2 - IsiZulu 2020

2 Uma esephumile endlini yakhe, angahamba-ke abe ngowenye indoda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Nxa esephumile endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Nxa ephuma endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 24:2
10 Referans Kwoze  

Kepha uma ongakholwa ehlukana nomkakhe, makahlukane naye. Umzalwane noma umzalwanekazi ukhululekile kulokho, kodwa uNkulunkulu unibizile ukuba nibe nokuthula.


Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, unecala lokuphinga kumkakhe.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo, uyaphinga.


Abayukumthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo, kodwa bayakuthatha izintombi ozalweni lwendlu yakwa-Israyeli, noma umfelokazi obegane umphristi.


“ ‘Isithembiso somfelokazi noma esolahlwe yindoda, konke azibophezele ngakho, kuyohlala kunjalo kuye.


Kodwa uma indodakazi yomphristi ingumfelokazi noma ilahlwe yindoda, ingenamntwana, bese ibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakusidla isinkwa sikayise, kepha umfokazi akayukusidla.


Akayukuganwa ngumfelokazi noma ngolahlwe yindoda noma owesifazane okhohlakele, nesifebe, kodwa uyothatha intombi phakathi kwabantu bakubo, ibe ngumkakhe.


“ ‘Abanakuthatha owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, noma owesifazane olahlwe yindoda yakhe, ngokuba umphristi ungcwele kuNkulunkulu wakhe.


“Lapho umuntu ethatha umfazi, amgane, kodwa angabe esamthokozisa ngoba ethole kuye okuthile okwenyanyekayo, uyombhalela incwadi yesehlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, bese emkhipha endlini yakhe.


Uma indoda yesibili ingasamthandi, iyombhalela incwadi yesehlukaniso, imnike yona esandleni, bese imkhipha endlini yayo, noma le ndoda yesibili ebimthathile waba ngumkayo ingafa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite