Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 24:16 - IsiZulu 2020

16 “Oyise abayukubulawa ngenxa yamadodana, namadodana awayukubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyobulawa ngenxa yesono sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Oyise kabayikubulawelwa abantwana, labantwana bangabulawa ngenxa yaboyise;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 24:16
8 Referans Kwoze  

Umphefumulo owonayo uyakufa. Indodana ayiyukukuthwala ukona kukayise, noyise akayukukuthwala ukona kwendodana. Olungileyo uyakuphila ngokulunga, nowonayo uyakujeziselwa ukona kwakhe.


Kepha akababulalanga abantwana bazo, kodwa wenza njengokulotshiweyo emthethweni, encwadini kaMose njengokuyala kukaSimakade, ethi: “Oyise abayukubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayukubulawa ngenxa yoyise, kodwa yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”


Kodwa amadodana kaKhora awafanga.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.


Inkosi yayisithi: “Impela uzakufa nokufa wena Ahimelekhi, nayo yonke indlu kayihlo.”


Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami. Umphefumulo kayise kanjalo nomphefumulo wengane ingeyami; umphefumulo owonayo, uyakufa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite