Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 24:13 - IsiZulu 2020

13 kepha uyakukubuyisela impela kuye okuyisibambiso ekushoneni kwelanga, ukuze alale ngengubo yakhe, akubusise. Lokho kuyokuba ukulunga kuwe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Noma kunjalo, kumelwe ubuyisele kuye isibambiso lapho ilanga lishona, ukuze alale engutsheni yakhe futhi akubusise; lokhu kuyakuba ngukulunga kwenu phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 24:13
24 Referans Kwoze  

Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


Kuyakuba ngukulunga kithi, uma siqaphela ukuyenza yonke le miyalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, njengalokhu esiyalile.’ ”


Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Balala eceleni kwawo wonke ama-althare ngezingubo ezithathwe zaba yisibambiso. Baphuza iwayini labahlawulisiwe endlini kaNkulunkulu wabo.


yena lowo omubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angakwenzi okubi, impela uyakuphila, angafi.


icindezela abampofu nabantulayo, iphanga nokuphanga, ingasibuyisi isibambiso, iphakamisela amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso,


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,


Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.


Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo.


U-Abhrama wakholwa ngokwashiwo nguSimakade, ngenxa yalokho uSimakade wakubalela kuye kwaba ngukulunga.


ingacindezeli muntu, ingasamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kodwa ipha abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu,


Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokho okuyisibambiso sakhe,


“Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite