Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:8 - IsiZulu 2020

8 Abantwana besizukulwane sesithathu abayobazala, bayongena ebandleni likaSimakade.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abantwana abazelwe yibo bayakungena ebandleni likaJehova esizukulwaneni sabo sesithathu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:8
15 Referans Kwoze  

“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


“Uma uphuma enkanjini uyokulwa nezitha zakho, ubozigcina, ungakwenzi okubi.


Owabona ilanga kuqala wayenomzimba ompofu ngebala, ephuphuzela uboya bunjengobesiphuku, lona wamqamba igama wathi ngu-Esawu.


Emva kwakhe kwazalwa umfowabo owaphuma ebambelele esithendeni sika-Esawu, wamqamba igama wathi nguJakobe. U-Isaka wayeneminyaka engama-60 ngesikhathi kuzalwa laba bafana.


“Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, angenzeli uSimakade yena yedwa, uyobhujiswa.


“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Bathandeni abafokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe.


Bafumana umuntu waseGibhithe endle, bamthatha bamyisa kuDavide. Bamnika isinkwa, wadla, bamnika namanzi, waphuza.


USolomoni noFaro, inkosi yaseGibhithe, bakha ubuhlobo ngokuganiselana. USolomoni wayithatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha isigodlo sakhe, nendlu kaSimakade, nokwakha ugange oluzungeze iJerusalema nxazonke.


Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.


Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite