Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:4 - IsiZulu 2020

4 Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe; nangokuba bakuqashela uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori eMesopotamiya ukuba akuqalekise.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:4
19 Referans Kwoze  

ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.


Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.


ngokuba kwathi lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, u-Obhadiya wabathatha abaphrofethi abayikhulu, wabafihla ngama-50 emgedeni ngamunye, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Ngisithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nenyama engikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi na?”


UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’


ngoba ngizokuhlonipha kakhulu, ngiyokwenzela noma yini oyifunayo. Ngiyakuncenga, woza uzongiqalekisela laba bantu.’ ”


Wawela phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawula, Sawula, ungihluphelani na?”


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


Inkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, waphuma ukuyolwa no-Israyeli. Wathumela ukuyobiza uBhileyamu indodana kaBheyori ukuba aniqalekise,


Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?


Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.


Isitha selulele isandla saso phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo. Impela libabonile abezizwe bengena endaweni yalo engcwele; labo owayala ukuba bangangeni ebandleni lakho.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Endlini yami engcwele akayukungena owezizwe ongasokile enhliziyweni nongasokile enyameni, kubo bonke abezizwe abahlala nabantu bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite