Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:24 - IsiZulu 2020

24 “Uma ungena esivinini sikamakhelwane wakho, uyakudla izithelo zomvini ngokuthanda kwakho, uzanelise, kepha ungazifaki esitsheni sakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini, usuthe ngokuthanda kwakho, kepha ungafaki lutho esitsheni sakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini ngokuthanda kwakho; kodwa akumelwe uthele lutho emgqonyeni wakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:24
10 Referans Kwoze  

ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi.


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


Amazwi omlomo wakho uyakuwagcina, uyoqikelela ukuba wenze njengalokhu wethembisile kuSimakade uNkulunkulu wakho, isithembiso osenze ukhululekile futhi ungaphoqiwe, wasiphumisela ngomlomo wakho.


“Uma ungena ezinhlangeni zokusanhlamvu kwamakhelwane wakho, uyakukha izikhwebu ngesandla sakho, kodwa awuyukulisebenzisa isikela ezinhlangeni zokusanhlamvu kwamakhelwane wakho.”


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umuntu enquma ukwenza isithembiso esithile kuSimakade, esiyisilinganiso ngomuntu,


Kepha abakwa-Israyeli abazange bazihlasele, ngoba abaholi babo babefungile ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. Ibandla lonke lakwa-Israyeli lakhononda ngabaholi balo.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,


Kulugibe kumuntu ukusho ngokushesha athi: “Kungcwele,” bese ecabanga kamuva ngesifungo asenzile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite