Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:21 - IsiZulu 2020

21 “Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Lapho wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa; ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubuza nokukubuza kuwe; futhi kungaba yisono kini.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:21
24 Referans Kwoze  

Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Ungayilethi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ufeze isithembiso, ngokuba kokubili kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.


“Nizwile futhi, kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’


Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo.


Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.


UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoba nami, angivikele kulolu hambo lwami, angiphe ukudla nokokwembatha,


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.


Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”


Kepha uma ungenzi sifungo, akuyukuba yisono kuwe.


UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.”


Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ufeze izithembiso zakho.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngifeze izifungo zami usuku nosuku.


ulaka lwami luvuthe, nginibulale ngenkemba, omkenu babe ngabafelokazi, izingane zenu zibe yizintandane.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, umfokazi, intandane, nomfelokazi, abasemizini yenu. Bayoza, badle, basuthe ukuze uSimakade uNkulunkulu wenu anibusise emsebenzini wonke wesandla senu eniwenzayo.”


Ningakubiza kowezizwe, kodwa noma yini eyakho ekulowo wezwe lakini, uyakuyiyekelela.


ongatshelekisi ngemali ukuba athole inzuzo, nongadizelwa ukuze alahle ngecala omsulwa. Owenza lezi zinto akasoze azanyazanyiswa, kuze kube phakade.


engabolekisi ukuze athole inzalo, engamukeli nzuzo ngokungafanele, eziqoqa ebubini, enza ubulungiswa phakathi kwabantu abaphikisanayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite