Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:19 - IsiZulu 2020

19 “Awuyukumtsheleka umfowenu bese ufuna inzalo yalokho, kungaba yinzalo yemali, inzalo yokudla, neyanoma yini umuntu ayikhokhela inzalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Awuyikutsheleka umfowenu ngenzalo, inzalo yemali, nenzalo yokudla, nenzalo yento etshelekwa ngenzalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ungeze umboleke umfowenu ngenzalo; obolekwa ngemali, obolekwa ngokudla, noma obolekwayo nganoma yini ebolekwa ngenzuzo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:19
11 Referans Kwoze  

“Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo.


ongatshelekisi ngemali ukuba athole inzuzo, nongadizelwa ukuze alahle ngecala omsulwa. Owenza lezi zinto akasoze azanyazanyiswa, kuze kube phakade.


Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.


ibolekisa ukuze ithole inzalo, ithatha inzalo; ngabe iyakuphila yini na? Qha, ayiyukuphila, ngokuba yenze zonke lezo zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.


Njengoba kuyakuba njalo kubantu, kuyakuba njalo nakubaphristi; njengoba kuyakuba njalo nasesigqileni, kuyakuba njalo nakumniniso; njengoba kunjalo encekukazini, kuyakuba njalo nasenkosikazini; njengoba kunjalo kumthengi, kuyakuba njalo nakumthengisi; njengoba kunjalo kobolekisayo, kuyakuba njalo nakobolekayo; njengoba kunjalo kokweletisayo, kuyakuba njalo nakokweletayo.


Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite