Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:18 - IsiZulu 2020

18 Ungayilethi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ufeze isithembiso, ngokuba kokubili kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ungalethi inkokhelo yesifebe nenani lenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho nganoma yisiphi isithembiso; ngoba lezi ezimbili ziyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:18
21 Referans Kwoze  

Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


“Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule.


Kwenzekile kubo njengokusho kwesaga esiqinisileyo, esithi: “Inja yabuyela emhlanzweni wayo,” nesithi: “Ingulube igezwe qede yabuye yazibhixa odakeni.”


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


Zonke izifebe ziyakhokhelwa, kodwa wena nguwe okhokhela zonke izithandwa zakho, uzifumbathisile ukuba zize kuwe, zivela ezindaweni zonke, ngobufebe bakho.


“Mina Simakade ngithanda ubulungiswa, ngiyakuzonda ukuphanga nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso, ngenze nabo isivumelwano esiphakade.


Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo, kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.


Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.


“Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.


“ ‘Awuyukulala nowesilisa njengowesifazane; kuyisinengiso lokho.


“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


niyiyise lapho iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, izithembiso zenu, iminikelo yenu yesihle, neyamazibulo ezinkomo nezimvu zenu.


“ ‘Kepha uma umhlatshelo owunikelayo ungowesifungo noma ungowesihle, uyodliwa ngosuku onikelwe ngalo; okuseleyo kuwo kuyodliwa ngakusasa,


“ ‘Awuyukuyingcolisa indodakazi yakho ngokuyigqugquzela ukuba ibe yisifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, ligcwale ukonakala.


“ ‘Indoda elala nowesilisa njengowesifazane, bobabili benze okunengisayo; bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Zonke izithombe zalo ziyakuphihlizwa, konke elikukhokhelweyo kushiswe ngomlilo. Izithombe zalo ezibaziweyo ngiyakuzenza zonke zibe yincithakalo, ngokuba likuthole ngenkokhelo yobufebe, futhi kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.


Kwaba khona nezifebe zesilisa zethempeli kulelo lizwe, abantu benza okufana nakho konke okunengisayo kwabezizwe, uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite