Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 22:8 - IsiZulu 2020

8 “Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lapho wakha indlu entsha, kumelwe ulwenzele uthango ophahleni lwakho, ukuze ungehlisi igazi endlini yakho, uma umuntu ewa kuyo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 22:8
20 Referans Kwoze  

Bengakwazi ukumsondeza kuye ngenxa yesixuku, baqaqa uphahla lwendlu lapho uJesu ayekhona. Kuthe sebevule isikhala behlisa uhlaka ayelele kulo ofe uhlangothi.


Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”


Isiphrofetho ngesiGodi Sombono. Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu, nenyukele ophahleni lwendlu,


Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.


Dedani kulo lonke uhlobo lobubi.


Kuthe ngakusasa besahamba labo, sebesondela emzini, uPhethro wenyukela phezu kwendlu ukuba ayokhuleka ngehora lesithupha.


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.


“Uma kuqubuka umlilo, wokheleke ezihlahleni ezinameva kuze kushe nezinhlanga zamabele, noma okusanhlamvu okungakavunwa, lowo othungele umlilo kufanele akhokhe.


“Lapho olungileyo eguquka ekulungeni kwakhe, enze okubi, bese ngibeka isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga ngenxa yesono sakhe, uyakufa, kuthi izenzo zakhe ezilungileyo azenzile zingabe zisakhunjulwa, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Uma ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese ungamxwayisi; ungakhulumi umxwayise omubi endleleni yakhe embi, ukuba omubi umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


ukuba nikwazi ukukhetha okusemqoka, ukuze nibe mhlophe, futhi ningabi nasici osukwini lukaKhristu;


Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu,


Ngakho masingabe sisehlulelana, kodwa kunalokho nqumani ukuthi akukho mzalwane oyakuba yisithiyo noma ugibe.


Kepha uyomyeka unina ukuba asuke, bese wena uthatha amaphuphu ukuze kube kuhle kuwe, zande izinsuku zakho.


“Awuyukutshala esivinini sakho izinhlobo ezimbili ezingafani zembewu, funa imbewu oyitshalile nesivuno sesivini sakho kube ngcwele.


Sebehlile endaweni ephakemeyo, bangena emzini. USamuweli waxoxa noSawule besophahleni lwendlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite