Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 22:24 - IsiZulu 2020

24 bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Khona-ke kumelwe nibakhiphe bobabili nibayise esangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe, bafe; intombazane, ngokuba ayibizanga isemzini; indoda, ngokuba ilulazile umkamakhelwane wayo; ngalokho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 22:24
14 Referans Kwoze  

Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.


Kepha uma ungenelisekile ngaye, uyomkhulula ahambe aye lapho ethanda ukuya khona; impela awuyukuthengisa ngaye ngemali, awuyukumphatha njengesigqila, ngokuba umthele ngehlazo, walala naye.”


Kodwa nina nilibele wukuzigabisa kunokuba nilile, ukuze asuswe kini lowo owenze leso sono.


UJosefa esevukile ebuthongweni, wenza njengalokhu imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe;


Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele.


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


UJakobe wayesethi kuLabani: “Nginike umkami ukuze ngilale naye, ngokuba sesiphelile isikhathi esasivumelene ngaso.”


“Uma kukhona intombazana eyintombi, nokho esiyingoduso yendoda, bese umuntu eyithola emzini, alale nayo,


“Uma indoda ithola endle intombi eyingoduso, bese iyibamba, ilale nayo, kuyokufa kuphela indoda elale nayo.


Ngokuba lokho kuyichilo, necala elifanele ukujeziswa;


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa.


Yilabo ofakazi abayoqala ukumkhanda ngamatshe, bese kulandela abantu. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.”


Ngiyakukwehlulela ngesehlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lolaka nomhawu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite