Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 21:1 - IsiZulu 2020

1 “Uma kutholakala umuntu obulewe ezweni akunika lona uSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, edindilize endle, kungaziwa ukuthi ubulewe ngubani;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Uma kufunyaniswa obuleweyo ezweni akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, elele endle, kungaziwa ukuthi ngubani ombuleleyo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma kufunyanwa olahlwe endle ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, akwaziwa ukuthi ngubani ombulele;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 21:1
10 Referans Kwoze  

Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.


Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”


Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.


Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!


ukuze igazi lomuntu ongenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, ngaphandle kwalokho, uyothwala icala legazi.


Izihlahla ozaziyo ukuthi aziyizo ezezithelo ezidliwayo, uyakuzibhubhisa, uyakuzigawula, wakhe ngazo izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwunqobe.”


izingwevu zakini nabehluleli bakini bayophuma, amabanga ukuya emizini ezungeze obuleweyo.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite