Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 20:8 - IsiZulu 2020

8 Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izinceku kumelwe ziqhubeke zikhuluma kubantu zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo nodangele? makahambe abuyele endlini yakhe, funa inhliziyo yabafowabo iphele njengenhliziyo yakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 20:8
14 Referans Kwoze  

Manje memezela lokhu emabuthweni, uthi: ‘Owesabayo, ethuthumela, makabuyele emuva, makasuke entabeni kwaGileyadi.’ ” Kwabuyela emuva abayizi-20 000, kwasala abayizi-10 000.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’


Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi, ungabandi, ngizakukukhafula uphume emlonyeni wami.


Kepha uJesu wathi kuye: “Akekho othi esebeke isandla sakhe egejeni, aphinde abheke emuva, owufanele umbuso kaNkulunkulu.”


“Uma uphuma enkanjini uyokulwa nezitha zakho, ubozigcina, ungakwenzi okubi.


Ekukhuphukeni kwabo beya esigodini i-Eshikholi balibona izwe, babathena amandla abakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uSimakade abanike lona.


Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka sihlasele laba bantu, ngokuba banamandla kunathi.”


Izikhulu zakwa-Edomi zaba netwetwe; izikhulu zakwaMowabi zathuthumela; zonke izakhamuzi zaseKhanani zaphelelwa ngamandla.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Kuyothi lapho izikhulu seziqedile ukukhuluma kubantu, bese zikhetha izinduna ezizohola amabutho.


Uma uxega amadolo ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite