Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 20:4 - IsiZulu 2020

4 USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye ohamba nani ukunilwela ezitheni zenu, anisindise.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 20:4
15 Referans Kwoze  

USimakade uzonilwela, nina thulani du.”


Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu uyakufaka uvalo nokwesaba ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokhu akhuluma kini.


Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayukukulahla, akayukukushiya.”


Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.


Kuyothi lapho sewuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukubhubhisa amabutho amaFilisti.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite