Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 20:16 - IsiZulu 2020

16 “Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa emizini yalababantu uJehova uNkulunkulu wakho azakunika yona ibe yilifa, ungaphili lutho oluphefumulayo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 20:16
25 Referans Kwoze  

Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


Bambulala yena namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, kwangasala muntu; balidla izwe lakhe.


Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


Ngalokho, babulaleni manje bonke abafana, nabo bonke abesifazane asebeyazi indoda.


Uyokwenza kanjalo kuyo yonke imizi ekude nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe.


Uyoyibhubhisa impela: uwabhubhise amaHithi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile,


Bawushisa ngomlilo wonke umuzi, nakho konke okwakukuwo, ngaphandle kwesiliva negolide nezimpahla zethusi nezensimbi okwafakwa endlini yengcebo kaSimakade.


Lapho seniwudlile umuzi, niyakuwuthungela ngomlilo, nenze njengalokhu uSimakade eniyalile. Bhekani, senginiyalile.”


Inani lalabo abawa ngenkemba ngalolo lusuku, abesilisa nabesifazane kwakuyizi-12 000, zonke izakhamuzi zakhona.


Kwathi lapho uJoshuwa nabantu bakwa-Israyeli sebecekele phansi abaningi kakhulu baze babaqeda, insali yangena emizini ebiyelweyo.


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


“USimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyukuliwela iJordani nokuthi angiyukungena kulelo lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, libe yifa lakho.


indoda yakhe yokuqala eyamxosha ayikwazi ukubuyela kuye imthathe futhi abe ngumkayo, ngokuba usengcolisekile ngale ndlela, lokho kuyisinengiso phambi kukaSimakade. Awuyukwenza ukuba izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, libe necala.


USimakade uyozinikela kini, nenze kuzo ngokwemiyalo yonke enginiyale ngayo.


Kepha abakwa-Israyeli bathi kumaHivi: “Mhlawumbe nje nihlala phakathi kwethu; singasenza kanjani-ke isivumelwano nani, na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite