Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 20:1 - IsiZulu 2020

1 “Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lapho uphuma ukulwa nezitha zakho, namahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe owakukhuphula ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 20:1
45 Referans Kwoze  

USimakade nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayukukulahla, akushiye; ungesabi, ungashaywa luvalo.”


Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayukukulahla, akayukukushiya.”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade!


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na?


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye, yathi: “USimakade unawe, qhawe elinamandla.”


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


UJoshuwa wenza kubo njengalokhu uSimakade ayemyalile: wanquma amahhashi abo imisipha, washisa nezinqola zabo ngomlilo.


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


“USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.


Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.


Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


ungazesabi, kodwa khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibhithe:


Kuyothi lapho nisondela empini, umphristi afike akhulume kubantu,


athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Namuhla nisondela empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningabi natwetwe phambi kwazo.


UDavide wayesethi kuSawule: “Izinhliziyo zabantu mazingadangaliswa yilowo muntu. Inceku yakho izohamba ilwe nalowo mFilisti.”


wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu.


Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu.


“Ngase ngithi kini: ‘Ningabi naluvalo, ningabesabi.


Ngalokho-ke ungazesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho.


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


USimakade wathi kuye: “Ngizokuba nawe, uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi ubulala umuntu oyedwa.”


U-Asa waphuma ukuba abhekane naye, wawahlela amabutho akhe esigodini eZefatha, ngaseMaresha.


Wozani, nibone imisebenzi kaSimakade, incithakalo ayehlisele emhlabeni.


“Ngalokho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho kungaseyukuthiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owakhuphula abakwa-Israyeli eGibhithe,’


Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite