Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 2:34 - IsiZulu 2020

34 Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sayibhubhisa yonke imizi eyayinamadoda nabesifazane nezingane, sayiqeda nya; kwangasala muntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga muntu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Sayithatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sashaya abesilisa nabesifazane nabantwana bayo yonke imizi ngesiqalekiso; asinamuntu osele.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 2:34
15 Referans Kwoze  

Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


Sayibhubhisa yaphela nya, njengalokhu senza kuSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, sayishaya sayiqothula yonke imizi enamadoda, abesifazane, nezingane.


Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.


U-Israyeli wonile, usephulile isivumelwano engimmisele sona. Bathathile izinto eziqalekisiweyo, bebile, benza inkohlakalo, bazithathile lezo zinto bazihlanganisa nempahla yabo.


Awuyukungenisa into eyisinengiso endlini yakho, funa nawe umiselwe ukubhujiswa njengayo; uyakuyenyanya nokuyenyanya, unengwe nokunengwa yiyo, ngokuba iyinto yokubhujiswa.”


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo.


UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite