Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:8 - IsiZulu 2020

8 “Uma uSimakade uNkulunkulu wakho eyandisa indawo yakho, njengalokhu ayefungile kokhokho bakho, akunike lonke izwe ethembisa ukulinika okhokho bakho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo, akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma uJehova uNkulunkulu wakho eyandisa umkhawulo wakho njengokusho kwakhe koyihlo ngesifungo, futhi ekunika lonke izwe athembisa ukulinika oyihlo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:8
9 Referans Kwoze  

“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wenu enweba umngcele wenu njengoba ayethembisile, bese nithi: ‘Ngifuna ukudla inyama,’ njengoba inhliziyo yenu ifisa ukudla inyama, niyoyidla inyama njengokufisa kwenhliziyo yenu.


Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Ngiyokwandisa imingcele yezwe lakho kusukela oLwandle Lomhlanga kuze kufike olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuze kushaye emfuleni. Ngiyonipha amandla phezu kwezakhamuzi zezwe, nizixoshe phambi kwenu.


Kakade kwakubusa amakhosi anamandla eJerusalema, ebusa sonke isifundazwe sasentshonalanga yeYufrathe, eqoqa intela nemali yendlela.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.


Ngalokho ngiyakuyala ngithi: ‘Uyakuzehlukanisela imizi emithathu.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite