Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:6 - IsiZulu 2020

6 Kungenzeka umphindiseli wegazi amlandele umbulali esagcwele intukuthelo enhliziyweni yakhe, amfice, ngoba umuzi ukude, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebengazange amzonde phambilini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukuze umphindiseli wegazi angaxoshi umbulali inhliziyo yakhe isavutha, amthole, ngokuba yinde indlela, ambulale; kanti ubengafanele ukufa, ngokuba wayengamzondanga ngaphambili.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:6
7 Referans Kwoze  

Kini iyokuba yimizi yokuphephela kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.


Manje umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; uthi: ‘Letha lowo owabulala umfowabo ukuba simbulale naye ngenxa yomphefumulo womfowabo, siyakuyibhubhisa indlalifa.’ Bayakulicima kanjalo-ke ilahle lami eliseleyo, bangabe besayishiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


Uma umphindiseli wegazi emlandela, ngeke neze amnikele kuye umbulali, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe ngephutha, kwakungekho nzondo phakathi kwabo ngaphambilini.


“Uma umuntu onile efanelwe wukufa, uyobulawa, aphanyekwe emthini.


nomuntu oyohamba nomngani wakhe baye ehlathini ukuyogawula imithi, kuthi esagawula, kuphume insimbi emphinini wembazo imshaye umakhelwane wakhe, afe, lowo muntu uyobalekela komunye wale mizi.


Ngalokho ngiyakuyala ngithi: ‘Uyakuzehlukanisela imizi emithathu.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite