Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:19 - IsiZulu 2020

19 uyokwenza kuye lokho abehlose ukukwenza kumuntu wezwe lakubo; uyobususa kanjalo ububi phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 niyakwenza kuye njengalokho ebecabange ukwenza kumfowabo; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke kumelwe wenze kuye njengoba nje ebecabanga ukwenza kumfowabo; ngakho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:19
13 Referans Kwoze  

Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga akayukuphunyuka.


Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga uyobhubha.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.


bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Yilabo ofakazi abayoqala ukumkhanda ngamatshe, bese kulandela abantu. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.”


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngabaphrofethi abaphrofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyukuba bikho nkemba nandlala kuleli lizwe,’ bazokufa ngenkemba, nangendlala laba baphrofethi.


“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Abaseleyo bayozwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwenu.


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


“Uma umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho ocamela esifubeni sakho, noma umngani wakho eningamathe nolimi naye ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’ nina nokhokho benu,


UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, izizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke wathi: “Ukuthula makwande kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite