Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:17 - IsiZulu 2020

17 bobabili labo bantu abaxabeneyo bayokuma phambi kukaSimakade, naphambi kwabaphristi nabehluleli abayobe bekhona ngaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 amadoda omabili axabeneyo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayakuba khona ngaleso sikhathi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Khona-ke amadoda amabili aphikisanayo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayoba khona ngalezo zinsuku;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:17
9 Referans Kwoze  

Uye kubaphristi bamaLevi, nakumehluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakwazise isinqumo sokwehlulela.


Abaphristi, amadodana kaLevi, bayosondela, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaSimakade; yibona abayokhipha isinqumo mayelana nakho konke ukuxabana nokulwa.


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


Uma isela lingabanjwanga, umnini wendlu uyakulethwa phambi kukaNkulunkulu, ukuze kucaciswe ukuthi umnini wempahla ngabe uyintshontshe kwamakhelwane yini noma qha.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.


“ ‘Kuyakuthi uma kunombango, basukume ukuba behlulele. Bayakwehlulela ngokwezehlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, futhi balingcwelise isabatha lami.


umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.


“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite