Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:15 - IsiZulu 2020

15 “Ubufakazi obuyokwethulwa ngumuntu oyedwa abunakumcindezela umuntu ngobubi, ngesono, noma nangasiphi isono one ngaso. Kodwa ngubufakazi bofakazi ababili noma abathathu obuyoyenza indaba ime iqine.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ufakazi oyedwa akayikuma ngomuntu ngobubi noma ngesono kunoma yisiphi isono one ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:15
12 Referans Kwoze  

“ ‘Noma ngubani obulala umuntu, uyobulawa ngenxa yobufakazi obethulwe ngaye. Kepha akekho oyobulawa ngenxa yobufakazi bomuntu oyedwa.


Lokhu sekungokwesithathu ngiza kini. “Noma yiliphi izwi malifakazelwe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu, bese liyaqiniswa.”


Ngobufakazi bofakazi ababili noma abathathu lowo ofanele ukufa, uyakubulawa. Kodwa ngobufakazi bomuntu oyedwa, akayukubulawa.


Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenakuhawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu.


Kepha uma engakulaleli, thatha abe munye noma babe babili, ukuze konke okuzodingidwa kuqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu.


Ungalemukeli icala elethweswe ilunga kungekho ofakazi ababili noma abathathu.


Kanjalo nasemthethweni wakini kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buyiqiniso.


Amadoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; afakaza ngaye lawo madoda amabi, athi: “UNabothi uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi,’ bese nimkhiphela phandle, nimkhande ngamatshe, afe.”


“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ngecala ungakamuzwa eziphendulela kuqala, bese wazi-ke ukuthi wenzeni na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite