Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:14 - IsiZulu 2020

14 “Awuyukuwugudlula umngcele kamakhelwane wakho owamiswa ngokhokho, ukuba ube yindawo yefa lakho oyakulidla ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Awuyikususa umncele womakhelwane wakho ababewubeka abadala efeni lakho oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika ukuba ulidle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ungawususi umkhawulo womakhelwane wakho abawubekile efeni lakho kusukela ezikhathini zasendulo oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:14
9 Referans Kwoze  

Ungasisusi isikhonkwane esidala esashayelwa ngokhokho bakho.


“ ‘Makaqalekiswe ogudluza isikhonkwane sikamakhelwane wakhe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Abaholi bakwaJuda bafana nabagudluza imingcele kwa-Israyeli. Ngiyakuthululela kubo ulaka lwami njengamanzi.


Ungasusi isikhonkwane esidala, ungangeni emasimini ezintandane,


Abantu bagudluza izikhonkwane zemingcele, baphange imihlambi, bayiklabise.


USimakade uyayisiphula indlu yabazidlayo, kodwa uyayiqinisa indawo yomfelokazi.


Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.


UMose wehlukanisa imizi emithathu phesheya kweJordani ngasempumalanga


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite