Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:13 - IsiZulu 2020

13 Iso lakho aliyukumhawukela, kepha uyolisusa igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wolikhipha igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wosusa igazi elingenacala kwa-Israyeli, ukuze kukuhambele kahle.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:13
17 Referans Kwoze  

Inkosi yathi kuye: “Yenza njengalokhu eshilo; mthelekele umbulale, ummbele, ukuze ususe kimi nasendlini kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.


Uyolisusa kanjalo-ke igazi elingenacala phakathi kwakho, uyokwenza okulungile emehlweni kaSimakade.”


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Akukho liso elakubheka lakuhawukela ukuba wenzelwe okukodwa kwalokho, ukhonjiswe ububele, kodwa walahlwa endle, ngokuba wanengeka ngosuku owazalwa ngalo.


Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.


uyosinquma isandla sakhe, ungakhombisi sihe kuye.”


aniyukumvumela, aniyukumlalela; iso lakho aliyukumdabukela, aniyukumyeka, futhi aniyukumfihla,


Obulala inkomo, uyoyikhokha; obulala umuntu, uyobulawa.


“ ‘Umuntu oshaya omunye aze afe, impela uyobulawa.


“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.


amalunga akulowo muzi ayothumela, alandwe lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba abulawe.


Iso lakho aliyukuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.”


Manje umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; uthi: ‘Letha lowo owabulala umfowabo ukuba simbulale naye ngenxa yomphefumulo womfowabo, siyakuyibhubhisa indlalifa.’ Bayakulicima kanjalo-ke ilahle lami eliseleyo, bangabe besayishiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


“ ‘Aniyukuthatha nhlawulo ukuze nisindise umbulali onecala okufanele afe ngenxa yalo, umbulali kufanele abulawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite