Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:10 - IsiZulu 2020

10 ukuze igazi lomuntu ongenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, ngaphandle kwalokho, uyothwala icala legazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ukuze kungachithwa igazi elingenacala ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho, kube phezu kwakho igazi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:10
16 Referans Kwoze  

Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.


Ngamehlo azidlayo, ulimi lwamanga, izandla ezichitha igazi elingenacala;


Amatilosi akhuleka kuSimakade, athi: “Ungasibhubhisi Simakade, ngenxa yale ndoda. Ungasisoli ngokuthi sibulele umuntu ongenacala; siyazi ukuthi Wena unguSimakade, wenza njengokuthanda kwakho.”


IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, wagcwalisa iJerusalema ngalo, lokho uSimakade akazange avume ukukuthethelela.


UManase futhi wachitha kakhulu igazi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela kulolu hlangothi kuya kolunye, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaSimakade.


Inkosi yathi kuye: “Yenza njengalokhu eshilo; mthelekele umbulale, ummbele, ukuze ususe kimi nasendlini kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.


Iso lakho aliyukumhawukela, kepha uyolisusa igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.”


“ ‘Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; ayikho inhlawulo yezwe ngegazi elichitheke kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.


Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe.


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


“USimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyukuliwela iJordani nokuthi angiyukungena kulelo lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, libe yifa lakho.


“Kuyokuthi lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba, ulidle, wakhe kulo, libe yifa lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite