Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 18:2 - IsiZulu 2020

2 Abayukuba nafa phakathi kwabafowabo; uSimakade uyifa lakhe, njengalokhu eshilo kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile kuso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngakho abayikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa labo, njengokusho kwakhe kubo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 18:2
15 Referans Kwoze  

Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.


Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”


Kodwa nina niyakubizwa ngokuthi ningabaphristi bakaSimakade, kuyakuthiwa ngani niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu; niyakudla imfuyo yezizwe, nizibonge ngodumo lwazo.


USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Simakade, uyisabelo sami nendebe yami; uphethe ukuphila kwami.


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Wena, namadodana akho ahlala nawe, niyakugcina ubuphristi kukho konke okuphathelene ne-althare, nakukho konke okungaphakathi kwesihenqo. Lokhu kungumsebenzi wenu, ngokuba ngininika ubuphristi bube yinkonzo eyisipho kini, umfokazi osondelayo uyobulawa.”


USimakade wathi ku-Aroni: “Awuyukuba nafa ezweni lakubo, futhi awuyukuba nasabelo phakathi kwabo; Mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.


Ngalokho uLevi akanasabelo nalifa kanye nabafowabo; uSimakade uyifa lakhe njengokusho kukaSimakade uNkulunkulu wakho kuye.


Yisizwana sakwaLevi kuphela uMose angasabelanga ifa, ngoba iminikelo yomlilo eya kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli yiyo eyifa labo njengoba asho kubo.


“ ‘Bayakuba nefa; Mina ngiyifa labo; aniyukubanika imfuyo kwa-Israyeli; Mina ngiyimfuyo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite