Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 18:12 - IsiZulu 2020

12 Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuSimakade, ngenxa yalezo zinengiso, uSimakade uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba bonke abenza lezi zinto bayisinengiso kuJehova; futhi ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyazixosha phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 18:12
9 Referans Kwoze  

“ ‘Ningazingcolisi noma ngayiphi yalezo zinto, ngokuba izizwe engazixosha phambi kwenu zazizingcolisa ngazo.


“Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho.


ngokuba abantu bezwe abaphambi kwenu bazenzile lezi zinengiso, ngakho-ke izwe langcola.


Izwe lonakele, yingakho ngalihambela ngenxa yobubi balo ukuze ngilijezise, izwe labaphalaza abantu balo.


nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyukumlahla, ngokuba akanasabelo nafa nawe.


ngiyakuwunikela esandleni somholi wezizwe, impela yena uyakwenza okufanele kuwo ngangokukhohlakala kwawo, bese ngiwuxosha.


Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe.


“Owesifazane akanakugqoka izinto zabesilisa, nowesilisa makangayigqoki ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo owenza lokho uyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”


Abanamadlozi, abathakathi, amatherafi, izithombe nazo zonke izinengiso ezazibonakala kwaJuda naseJerusalema, uJosiya wakususa ukuze afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya, umphristi, ayeyithole endlini kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite