Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:3 - IsiZulu 2020

3 ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wahamba wakhonza abanye onkulunkulu, wabakhothamela, ilanga nenyanga noma ibutho lasezulwini engingazange ngibayale ngakho;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:3
14 Referans Kwoze  

Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali, ukuze bashise ngomlilo amadodana abo, abe yiminikelo yokushiswa kuBhali, engingakuyalanga, engingakhulumanga ngakho nokungangenanga enhliziyweni yami.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


Wayesengingenisa egcekeni lendlu kaSimakade elaliphakathi; ngasemnyango wethempeli likaSimakade, phakathi komphemegumbi ne-althare, kwakukhona amadoda angama-25 efulathele ithempeli likaSimakade. Ubuso bawo babubheke empumalanga, ekhothamela ngasempumalanga, ekhonza ilanga.


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Wabuye wazakha izindawo eziphakemeyo ezazibhidlizwe nguyise uHezekiya, wamisela uBhali i-althare, wagxumeka izigxobo zika-Ashera njengoba kwakwenze u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulona lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho.


“Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, angenzeli uSimakade yena yedwa, uyobhujiswa.


bese ubikelwa ngakho, uzwe, ubuzisise ngakho, uthole ukuthi kuyiqiniso, leyo nto enjalo eyisinengiso yenziwe kwa-Israyeli,


“Qaphelani funa inhliziyo yenu ikhohliseke, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele,


Uma nephula isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ngaso bese nihamba niyokhonza abanye onkulunkulu, nibakhothamele, ulaka lukaSimakade luyonivuthela, nibhubhe ngokushesha kuleli lizwe elihle aninike lona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite