Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:20 - IsiZulu 2020

20 angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ukuze inhliziyo yakhe ingaziphakamisi phezu kwabafowabo, angaphambuki emyalweni wakhe, ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze andise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:20
39 Referans Kwoze  

Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.


“Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.


Bheka, uyazikhukhumeza, ingaphakathi lakhe aliqotho, kodwa olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba ingcebo ayiyukuhlala kuze kube phakade; nomqhele uyakuhlala yini izizukulwane ngezizukulwane na?


Ukwesaba uSimakade kwandisa izinsuku, kodwa iminyaka yezikhohlakali iyancishiswa.


Uma abantwana bakho besigcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyobafundisa bona, impela abantwana babo bayohlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”


Ngazo, ngisho inceku yakho iyexwayiswa. Ukuzigcina kunomvuzo omkhulu.


ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade.


Akazithobanga phambi kukaSimakade njengoba kwazithoba uManase, uyise, kodwa yena u-Amoni wenza okubi okuningi.


Umkhuleko wakhe nokunxusa kwakhe uNkulunkulu, zonke izono zakhe, konke ukungethembeki kwakhe nezindawo eziphakemeyo azakha, wamisa o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, ngesikhathi engakazithobi; bheka, konke lokho kulotshwe ezindabeni zikaHozayi.


Esekuhluphekeni, wanxusa uSimakade uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wokhokho bakhe.


Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho.


Umtshele uthi: ‘Bheka, ubhubhisile u-Edomi, manje inhliziyo yakho iqhoshile, ufuna ukubonakalisa udumo lwakho. Manje kungcono uhlale endlini yakho; kungani uhlokoloza inyoka isemgodini, ufuna ukuwa wena noJuda kanyekanye na?’ ”


Umnqobile impela u-Edomi; inhliziyo yakho isiqhoshile; dumiseka ngalokho, uhlale ekhaya. Kungani ufuna uthuthuva, bese uwa, wena noJuda wonkana na?”


USimakade wathi kuJehu: “Ngenxa yokuba wenze kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami, futhi wenza endlini ka-Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, uzalo lwakho lwezizukulwane ezine luyakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.”


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo.


“ ‘Kepha angiyukuwususa wonke umbuso esandleni sakhe; ngiyomenza umbusi zonke izinsuku zokuphila kwakhe ngenxa kaDavide, inceku yami, engamkhetha, yena wayigcina imiyalo yami nezimiso zami.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


Wenze njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona, nanjengesehlulelo abayakukutshela sona. Ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwehluleleni kwabo.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Qaphelani, ukuba niwezwe wonke lawa mazwi enginiyala ngawo ukuze kube kuhle kini nakubantwana benu eniyobazala kuze kube phakade, ngokuba niyobe nenza okuhle nokulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.


Ningalidli ukuba kube kuhle kini nakubantwana benu emva kwenu, ngokuba niyobe nenza okulungile emehlweni kaSimakade.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Ezehlulelweni zakho, angichezuki, ngokuba Wena uyangifundisa.


USamuweli wayesebatshela abantu ngamalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaSimakade. USamuweli wayidedela inhlangano yahlakazeka, kwayilowo nalowo muntu wabuyela ekhaya.


Imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angichezukanga kuzo.


Gcina isiyalezo akuyala ngaso uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Gcina izimiso zakhe, imithetho yakhe, imiyalo yakhe nobufakazi bakhe, njengalokhu kubhalwe emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke oyokwenza nakulokho oyophendukela kukho.


Wenza zonke izono ezazenziwe nguyise ngaphambi kwakhe. Inhliziyo yakhe yayingekho kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide, ukhokho wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite