Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:17 - IsiZulu 2020

17 Akayukuthola abafazi abaningi, funa inhliziyo yakhe ihlubuke, futhi angabi nesiliva negolide eliningi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Akayikuzandisela abafazi, ukuze inhliziyo yakhe ihlubuke, angazandiseli isiliva negolide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi makangazandiseli abafazi, funa inhliziyo yakhe iphambuke; futhi ngeke azandisele kakhulu isiliva negolide.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:17
22 Referans Kwoze  

USolomoni, inkosi yakwa-Israyeli, akonanga yini ngenxa yabesifazane na? Phakathi kwezizwe eziningi, ayikho inkosi eyayifana naye. Nanxa uNkulunkulu ayemthanda waze wambeka inkosi ka-Israyeli, wadukiswa ngamakhosikazi akhe abezizwe.


wayesethi: ‘Ngenxa yalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo: labo ababili bayakuba nyamanye’ na?


Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.


“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”


Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo.


Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zazingezegolide, zonke izitsha zendlu yeHlathi leLebhanoni nazo zazingezegolide, zingekho ezenziwe ngesiliva, ngoba lona lalingabalulekile ngesikhathi sikaSolomoni.


UDavide wabuye wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, ngesikhathi esefikile khona evela eHebhroni. Bamzalela uDavide amadodana namadodakazi.


“Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha.


Inkosi yenza ukuba isiliva lejwayeleke eJerusalema njengamatshe nemisedari, eyayenza yaba njengemithombe esigodini ngobuningi.


Inkosi yenza isiliva negolide kwaba yinsada eJerusalema njengamatshe, imisedari yayenza yaba njengemithombe esigodini ngobuningi.


URehobhowamu wamthanda uMahakha, indodakazi ka-Absalomu, ukwedlula bonke abafazi bakhe nezanciza zakhe; wayeganwe ngabafazi abali-18 nezancinza ezingama-60. Wazala amadodana angama-28, namadodakazi angama-60.


Ungabaniki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho, kwababhubhisa amakhosi.


UDavide eseseJerusalema wabuye wathatha abanye abafazi, wazala amanye amadodana namadodakazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite