Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:16 - IsiZulu 2020

16 Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:16
23 Referans Kwoze  

Kepha inkosi yayivukela inkosi yaseBhabhele ngokuthumela izithunywa zayo eGibhithe, ukuba ithole amahhashi nabantu abaningi. Uyophumelela yini na? Uyophunyuka yini owenza lezi zinto? Uyophunyuka yini owephula isivumelwano na?


USimakade uyakukubuyisela eGibhithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe, ngathi: ‘Awusayukuphinda uyibone futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi; ningathengwa muntu.”


“Abayukubuyela eGibhithe, i-Asiriya libe yinkosi yabo, njengoba benqaba ukuphenduka na?


Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.


USolomoni wayenezipani ezingama-40 000 zamahhashi ezinqola zakhe nabasebenzisa amahhashi abayizi-12 000.


Ngesikhathi uFaro ebakhulula abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabavumelanga ukuba bahambe ngendlela yasezweni lamaFilisti, nakuba yayinqamulela, ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa abantu, uma benqwamana nempi, baguqule umqondo bese bebuyela eGibhithe.”


U-Adoniya, indodana kaHagithi, wayeziphakamisa, ethi: “Yimi engizokuba yinkosi.” U-Adoniya wazilungiselela inqola yempi nabamahhashi, nabantu abangama-50 ukuba bagijime phambi kwakhe.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


UDavide wathumba abamahhashi abayi-1 700, nemigundatshani eyizi-20 000; uDavide wanquma imisipha yawo wonke amahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela ayikhulu.


Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;


USolomoni wayenamabhanqa ayizi-4 000 amahhashi nezinqola, abamahhashi abayizi-12 000, wababeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.


UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi.


Amahhashi kaSolomoni ayevela eGibhithe naseKhuwe. Labo ababehwebela inkosi babewathenga eKhuwe.


Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, ingcebo yabo ayinakubalwa; izwe labo ligcwele amahhashi, izinqola zabo zempi azinakubalwa.


“USimakade ukhulume kini nina nsali yakwaJuda, wathi: ‘Ningayi eGibhithe;’ impela yazini ukuthi ngiyanixwayisa namuhla.


USimakade uthi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginqume amahhashi akho onawo, ngiqede nya ngezinqola zakho.


“Ngakho-ke ake uyaleze ukuba bangigawulele imisedari eLebhanoni, izinceku zami zibe nezakho. Ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho ngendlela oyobiza ngayo, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite