Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:14 - IsiZulu 2020

14 “Lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, uhlale kulo, bese uthi: ‘Ngizozibekela inkosi ingibuse njengazo zonke izizwe ezingizungezile,’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uma ungena ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakumisa inkosi phezu kwami njengezizwe zonke ezingihaqileyo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:14
17 Referans Kwoze  

Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Zikhulekele izinceku zakho kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuze singafi, ngokuba senezele phezu kwabo bonke ububi bethu ngokuzicelela inkosi.”


“Khumbulani izwi uMose, inceku kaNkulunkulu, aniyala ngalo, ethi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uzakunabela indawo yokuphumula, futhi uyakuninika leli lizwe.’


Wasiletha kule ndawo, wasinika leli lizwe, izwe elichichima ubisi noju.


“Kuyokuthi lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba, ulidle, wakhe kulo, libe yifa lakho.


“Kuyothi nxa usufike ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe.


Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukuba nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, niyakulidla, nihlale kulo.


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


“Kuyothi lapho senifikile eKhanani engizakuninika lona libe yifa lenu, ngibeke isifo sochoko endlini, ezweni eniliphiweyo.


Izwe niyakulidla, nihlale kulo, ngokuba ngininike lona ukuba nilidle.


USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo.


Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;


Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”


USamuweli wayesebatshela abantu ngamalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaSimakade. USamuweli wayidedela inhlangano yahlakazeka, kwayilowo nalowo muntu wabuyela ekhaya.


Umeme uJese eze emhlatshelweni; Mina ngiyokwazisa ukuthi kufanele wenzeni. Uyongigcobela lowo engiyakumusho kuwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite