Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:12 - IsiZulu 2020

12 Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umuntu ofuna ukwenza ngokugabadela futhi angamlaleli umpristi omi lapho ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu kufanele afe; futhi kumelwe ususe ububi kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:12
30 Referans Kwoze  

Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


“ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,


Labo abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.


Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


“Makungabi bikho owethwesa omunye icala, makungabi bikho osola omunye, ngokuba abantu bakho bafana nalabo abaphikisana nomphristi.


nokuthi uma bengafinyelelanga emhlanganweni ngezinsuku ezintathu, bayokwephucwa yonke impahla yabo, badingiswe enhlanganweni yabathunjwa ngokwesinqumo sabaphethe nezikhulu.


uyokhonza egameni likaSimakade uNkulunkulu wakhe njengabo bonke abafowabo, abaLevi, abama lapho phambi kukaSimakade, bemkhonza.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ukhethe yena kuzo zonke izizwe zakini ukuba ame, akhonze egameni likaSimakade, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.


Yilabo ofakazi abayoqala ukumkhanda ngamatshe, bese kulandela abantu. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.”


Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.


Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; neningabathetheleli, abathethelelwe.”


Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela.


“Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”


Yilowo nalowo ongayukunamukela ezwe amazwi enu, anothi niphuma nje kulelo khaya noma kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu.


Lapho isedeleli sijeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uthola ulwazi.


Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.


Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’


Wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe, angaphinde enze ububi obunjengalobo obuphakathi kwenu.


Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.


“Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba.


Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besalokotha benze ngaleyo ndlela.


Manje, lethani lezo zigilamkhuba eziseGibheya ukuze sizibulale, sisuse ububi kwa-Israyeli.” Kodwa abakwaBhenjamini abafunanga ukulalela abafowabo bakwa-Israyeli.


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine imiyalo yami, uyakuphatha endlini yami, unakekele namagceke ami; ngiyakwenza uhambe phakathi kwalaba abami lapha.


ngokuba wedelele izwi likaSimakade, wephula umyalo wakhe, lowo muntu uyonqunywa ngokuphelele, icala lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


“Uma umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho ocamela esifubeni sakho, noma umngani wakho eningamathe nolimi naye ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’ nina nokhokho benu,


Noma ngubani omelana neziyalo zakho, angawahloniphi amazwi akho, lokho oyala ngakho, uyakuyiswa kwagoqanyawo. Wena nje qina ume isibindi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite