Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:1 - IsiZulu 2020

1 “Ungamhlabeli uSimakade uNkulunkulu wakho inkomo noma imvu enesici, enokuthile okubi, ngokuba lokho kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo, noma imvu enesici, enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 “Awuyikuhlabela uJehova uNkulunkulu wakho inkomo noma imvu enesici noma enesifo; ngoba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:1
19 Referans Kwoze  

Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma ngabe linasici sini, awuyukunikela ngalo kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.


Ungayilethi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ufeze isithembiso, ngokuba kokubili kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.


indoda yakhe yokuqala eyamxosha ayikwazi ukubuyela kuye imthathe futhi abe ngumkayo, ngokuba usengcolisekile ngale ndlela, lokho kuyisinengiso phambi kukaSimakade. Awuyukwenza ukuba izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, libe necala.


kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuSimakade, kepha isisindo esiyiso siyintokozo kuye.


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade, yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu emphefumulweni wakhe:


Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”


Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.


Emva kwazo kwase kukhuphuka ezinye izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo zibukeka kabi. Angikaze ngizibone izinkomazi ezimbi ngale ndlela kulo lonke iGibhithe.


Izisindo ezimbili nama-efa amabili adukisayo, kuyisinengiso kuSimakade.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi: iduna, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinonyaka ezingenasici,


Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite