Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 16:3 - IsiZulu 2020

3 Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ungadli isinkwa esivutshelweyo kanye nayo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa sosizi; ngoba waphuma ngokushesha ezweni laseGibhithe ukuze ukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 16:3
27 Referans Kwoze  

Benza amaqebelengwane ngenhlama ababephume nayo eGibhithe; yayingenamvubelo ngokuba babexoshiwe eGibhithe bengasenakulinda, noma bagaye umphako.


“Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.


Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”


Ngenyanga yesibili, ngosuku lwe-14, kusihlwa; bayakuligcina balidle nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.


Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.


Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,


Ngakho-ke asiwugubhe umkhosi, hhayi ngemvubelo endala yokonakala nobubi, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobumsulwa neqiniso.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


Wenze ukuba izimangaliso zakhe zikhunjulwe, uSimakade unomusa nobubele.


Ngikhume umlotha njengesinkwa, nengikuphuzayo ngakuxubanisa nezinyembezi,


uyakuthi kubo: ‘Isho kanje inkosi, ithi: fakani lo ejele, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngiphephile.’ ”


Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga, kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.


Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga kuyoba ngumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuSimakade. Niyokudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.


Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.


Niyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalolo lusuku ngakhipha amaviyo enu eGibhithe. Lolu lusuku niyolugubha lube ngumkhosi omisiweyo phakade izizukulwane ngezizukulwane.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe.


Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.


nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite