Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 16:2 - IsiZulu 2020

2 Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngakho uzahlabela uJehova uNkulunkulu wakho iphasika endaweni yezimvu leyenkomo endaweni uJehova azayikhetha ukuthi abeke khona ibizo lakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 16:2
19 Referans Kwoze  

Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


“Izinto zenu ezingcwele ezingezenu nezithembiso zenu niyozithatha, niye nazo endaweni ayakuyikhetha uSimakade.


Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengokuba ningenamvubelo. Ngokuba nelethu iPhasika elinguKhristu lihlatshiwe.


Wayesethi kubo: “Bengilangazelela nokulangazelela okukhulu ukuba ngidle leli Phasika nani ngingakahlupheki.


UJesu wathuma uPhethro noJohane, wathi: “Hambani niyosilungisela iPhasika ukuba sidle.”


Kwathi ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iPhasika, abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siyokulungiselela kuphi ukuba udle iPhasika na?”


Kwathi ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo, abafundi baya kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungisele kuphi ukuba udle iPhasika na?”


“Niyazi ukuthi emuva kwezinsuku ezimbili kuzakuba yiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuze ibethelwe esiphambanweni.”


UJosiya wanika abantu besizwe bonke ababekhona, imihlambi yamawundlu namazinyane ezimbuzi, konke kwaba yiminikelo yephasika, sekukonke kwakuyizi-30 000, nezinkunzi eziyizi-3 000 okwakuthathwe empahleni yenkosi.


Wena nabendlu yakho, niyolidla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, iminyaka ngeminyaka, endaweni uSimakade ayakuyikhetha.


Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.


kodwa niyonikela ngeminikelo yenu yokushiswa endaweni uSimakade ayakuyikhetha kwesinye sezizwana zenu, nikwenze khona konke enginiyala ngakho.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


“Abantu bakwa-Israyeli mabagcine iPhasika ngesikhathi salo esimisiweyo.


“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.


Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.


Inkosi yayisiyala bonke abantu, yathi: “Yenzelani uSimakade uNkulunkulu wenu iphasika njengalokhu kulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite