Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 16:18 - IsiZulu 2020

18 “Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uzikhethele abahluleli nababonisi kuwo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona ngokwezizwe zakho; futhi bayokwahlulela abantu ngokwahlulela okulungileyo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 16:18
22 Referans Kwoze  

Abayizi-24 000 kulaba yibona abayongamela umsebenzi wendlu kaSimakade. Abayizi-6 000 babe yizikhulu nabehluleli.


KumaJizihari, uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizikhulu nabehluleli.


izingwevu zakini nabehluleli bakini bayophuma, amabanga ukuya emizini ezungeze obuleweyo.


Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.


Uye kubaphristi bamaLevi, nakumehluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakwazise isinqumo sokwehlulela.


umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.


“Nizwile, kwathiwa kwabasemandulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala ehlulelwe.’


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


Yilowo nalowo uyokhipha ngokwamandla akhe, nanjengokwesibusiso uSimakade uNkulunkulu wakho amuphe sona.”


Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Kwathi lapho uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe ukuba abe ngabehluleli kwa-Israyeli.


“Wena-ke Ezra, makuthi ngokuhlakanipha uNkulunkulu akuphe khona, uqoke abehluleli nezimantshi abayokwehlulela bonke abantu bakini abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe; makube ngabantu abawaziyo umthetho kaNkulunkulu wenu, abangawaziyo kufanele bawufundiswe.


Indoda yakhe iyahlonishwa emasangweni ngesikhathi ihleli namalunga ezwe.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


“Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelwe, aphuphunyelwe yisisu, kodwa yena angalimali ndawo, lowo muntu uyohlawuliswa njengoba indoda yalowo wesifazane inqumile ukuba ahlawule, ngokwesinqumo sabehluleli.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite