Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 16:10 - IsiZulu 2020

10 Uyogcina umkhosi wamasonto kuSimakade uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle, wesandla sakho, oyakuwunikela njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho, oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uyakugcina umkhosi wamasonto wokudumisa uJehova uNkulunkulu wakho ngentela yomnikelo wesihle esandleni sakho oyakunikela ngayo kuJehova uNkulunkulu wakho, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 16:10
22 Referans Kwoze  

Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele, aqongelele azakunikela ngakho njengokuphumelela kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, kungabi yima kuqalwa kuqoqwa umnikelo.


Kulolu daba, ngininika isiyalo sami ukuthi kungcono kini enaqala ngonyaka odlule ukuthi ningenzi nje okuthile, kodwa ukuba nifise ukwenza okuthile.


Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


kuzo kwakhishwa intela kaSimakade eyayiyizimvu ezingama-675.


Uyothathela uSimakade intela emabuthweni akade esempini, kube kunye ema-500; awabantu, awezinkomo, awezimbongolo nawezimvu,


Uma umuntu engenaye umhlengi oyisihlobo sakhe, kodwa bese eba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,


“ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”


“ ‘Uma engenamandla okukhipha imvu, uyoletha kuSimakade amahobhe amabili ngenxa yesono asenzileyo, noma amaphuphu amabili amajuba; elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.


“Uyozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqale ngaso ukuvuna okusanhlamvu, uqale ubale amasonto ayisikhombisa.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


“ ‘Ngosuku olulandela isabatha eniyoletha ngalo isithungo somnikelo wokuzungeziswa, niyozibalela amasabatha ayisikhombisa apheleleyo;


“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela kuSimakade ngomnikelo omusha wokusanhlamvu emkhosini wenu wamaviki, niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.


UKhore, indodana kaJimina umLevi, umlindi wesango elalisempumalanga, wayengamele iminikelo kaNkulunkulu yesihle, ukuze ayabe iminikelo kaSimakade neyezinto ezingcwelengcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite