Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 15:1 - IsiZulu 2020

1 “Ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa niyokwenza uyekelelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo uyakwenza uyekelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Njalo ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa uyakwenza ukukhululwa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 15:1
11 Referans Kwoze  

UMose wawayala wathi: “Ekupheleni konyaka wesikhombisa, njalo ngesikhathi esinqunyiweyo sonyaka woyekelelo ngomkhosi wamadokodo,


uma uthenga isigqila somHebheru, masikusebenzele iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa siyakuhamba singesikhululekileyo, singakhokhi lutho.


Nansi indlela eniyolwenza ngayo: yilowo nalowo otsheleka umakhelwane noma umfowabo okuthile, uyokuyeka angabe esakubiza kuye, ngokuba kuyobe sekumenyezelwe uyekelelo lukaSimakade.


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


Uma abezizwe besilethela okuthengisayo noma yini okusanhlamvu ngesabatha, asiyukukuthenga ngesabatha noma ngaluphi usuku olungcwele, futhi asiyukuvuna ngonyaka wesikhombisa; sesule zonke izikweletu ngalowo nyaka.


‘Kuyakuthi ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa, kube yilowo nalowo akhulule umfowabo ongumHebheru, ozithengise kuwe, uyakukusebenzela iminyaka eyisithupha, bese umkhulula ukuba ahambe,’ kepha okhokho benu kabangilalelanga, abakugqizanga qakala lokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite