Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 14:8 - IsiZulu 2020

8 nengulube, nakuba yehlukene izinselo, kodwa ayetshisi; ingcolile kini; aniyukuyidla inyama yazo, aniyukuzithinta izidumbu zazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Nengulube, ngokuba yahlukanisa izinselo, kepha ayetshisi, ingcolile kini; aniyikudla inyama yazo, ningadli izidumbu zazo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 14:8
10 Referans Kwoze  

Kwenzekile kubo njengokusho kwesaga esiqinisileyo, esithi: “Inja yabuyela emhlanzweni wayo,” nesithi: “Ingulube igezwe qede yabuye yazibhixa odakeni.”


“Labo abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinto ezinengekayo nezimpuku, bayophela kanyekanye,” kusho uSimakade.


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, abadla inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,


Noma ngubani othinta noma yini engcolileyo, kungaba yisidumbu sesilwane esingcolileyo, noma yisidumbu semfuyo engcolileyo, noma yisidumbu sesilwane esinwabuzelayo esingcolileyo, engasibonanga, nokho uyoba ngongcolileyo, abe necala.


zonke ezinezinselo ezehlukene, izinselo ezehlukene kabili, nezetshisayo emfuyweni, niyakuzidla.


Kepha lezi aniyukuzidla kulezo ezetshisayo nezehlukene izinselo: ikamela, unogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, azehlukene izinselo; zingcolile kini,


“Kuzo zonke ezisemanzini, nazi eniyozidla: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite