3 “Ungayidli noma yini enengekayo.
3 “Ungadli into enengekayo.
3 Ungadli isinengiso;
Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”
Ngiyazi, njengokuba nginesiqiniseko eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho olungcolileyo ngokwalo, kuphela kulowo othi kungcolile, kuyena-ke kungcolile.
“ ‘Ngakho-ke niyohlukanisa phakathi kwesilwane esihlanzekileyo nesingcolileyo; inyoni engcolileyo nehlanzekileyo, aniyukuzenza nenyanyeke ngesilwane noma inyoni, nanoma yini nje enwabuzelayo emhlabeni, engikwehlukanisile ngathi kungcolile.
Ningazenzi isinengiso ngenxa yezilwane ezinwabuzelayo. Ningazingcolisi ngazo, bese niba ngabangcolile.
Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile, kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo nonembeza wabo.
Kepha uma kukhona othi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningalokothi nikudle ngenxa yalowo osho kanjalo nangenxa kanembeza.
abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, abadla inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,
Thatha amabhanqa ayisikhombisa azo zonke izilwane ezihlanzekile, iduna nensikazi, nakulezo ezingahlanzekile uthathe ngazimbili, iduna nensikazi.
“Khulumani kubantu bakwa-Israyeli, nithi: ‘Phakathi kwazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni, nazi eningazidla: